Isigaba -14 soMthetho wokuKhuthaza Ukufinyelela ulwazi sihlinzekela, kokunye ukuba ilunga lezolwazi enhlanganweni yomphakathi kufanele liqophe ibhuku eliqondene nenhlangano yomphakathi elikuwo zingakapheli izinyanga eziyisithupha ngemuva kokuqala kwesigaba. Lokhu kuhlinzeka kuncike emvumeni yokunweba isikhathi evela kuNgqongqoshe wezoBulungiswa neNtuthuko yoMthethosisekelo ngenhloso yokuqoqa nokushicilela leli bhuku kwiGazethe kaHulumeni.
Ukushicilelwa kwaleli bhuku eNgosini eziMmele yeziKhalo kunika amandla iziphakamiso eziqukethwe yisiGaba -14 kanjalo nokunika umuntu ilungelo elikumthethosisekelo lokufinyelela uLwazi olugcinwe yiNgosi eziMele yeziKhalo edingekayo ukuze kufezwe noma kuvikelwe elinye lamalungelo akhe.
I-ICD yiNgxenye yeNhlangano engaphansi kweMboni kaHulumeni.
I-ICD wumnyango kahulumeni osezingeni likazwelonke kanti ibunjwe ezingeni likazwelonke nesifundazwe. Ezingeni likazwelonke, inhloko yawo nguMphathi oPhakeme bese kuba yiNhloko yesiFundazwe ezingeni lesifundazwe. Izinhloko zeziFunda zama-ICD zethula imibiko futhi zilawulwa nguMphathi oPhakeme.
Umphathi oPhakeme uqashwa nguNgqongqoshe wezokuPhepha ngokulandela inqubo enqunywe nguNgqongqoshe ngokubonisana neKomidi lesiShayamthetho. Ingxenye enye yabasebenzi be-ICD ibunjwe ngamalunga aqashwe wuMphathi oPhakeme ngokubonisana noNgqongqoshe wezokuPhepha. Lokhu kwenzeka ngokulandela imithetho ebusa umsebenzi womphakathi nabantu abathile abedluliselwe kweminye iminyango ngenhloso yokusiza noma ngokusebenza ngokuphelele eNgosini ye-ICD.
Umsebenzi onqala nalokho okujutshwe ngumthetho (ngokulandisa koMthetho woMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, uNombolo 68 ka 1965) we-ICD, wukuqinisekisa ukuthi izikhalo eziphathelene nokwephula umthetho nokungaziphathi okwenziwa ngamalunga oMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) noMbutho wamaPhoyisa kaMasipala (Metropolitan/MPS) kuphenywa ngendlela efanele nenobungoti.
Lapha isishayamthetho sasiqonde ngokucacile ukugixabeza I-ICD ngesibophezelo nomsebenzi wokugadela umphakathi mayelana noMbutho we-SAPS ophawulwe esiGabeni -222 soMthethosisekelo wesiKhashana ka- 1993. Lesi sigaba sihlinzeka kanje "Kuyoba khona ikhambi elizimele, elisungulwe futhi lalawulwa wuMthetho weSishayamthetho elihlose ukuqinisekisa ukuthi izikhalo eziphathelene nokwephula umthetho nokungaziphathi kahle okunezinsolo zokuthi zenziwe ngamalunga oMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) kuphenywa ngendlela efanele nenobungoti."
a ngokuthanda kwayo noma ngemuva kokuthola isikhalo, iphenye noma yikuphi ukungaziphathi kahle noma ukwephula umthetho okwenziwa yilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika noma I-MPS.
c ingaphenya noma yiluphi udaba oluqondiswe kuyo nguNgqongqoshe wezokuPhepha noma elungeni lomkhandlu wesifundazwe.
Ngaphezulu kwalokho okushiwo ngenhla, imisebenzi nezibophezelo ze-ICD zaphinde zanwetshwa wuMthetho woDlame lwaseKhaya (DVA), ka-1998 (umThetho we-112 we-1998). Lomthetho uhlinzekela ukuthi uma ilunga loMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika lehluleka ukuhambisana nesibophezelo esibekiwe ngokulandisa komthetho wodlame lwasekhaya (DVA) noma uMlayelo kaZwelonke okhishwe ngokomthetho (DVA), leso senzo sithathwa njengokungaziphathi kahle ngokuhumusha koMthetho wombutho we-SAPS. Ngokunjalo, I-ICD kufanele yaziswe ngalokhu kwehluleka okubikwe eMbuthweni we-SAPS. Umthelela ocacile walo mbandela wukuthi I-ICD kumele isebenzise amandla nomsebenzi wokubhekela umphakathi ngenhloso yokuqiniseka ukuthi lezi zindlela zokungaziphathi kahle ziphenywa ngendlela efanele nenobungoti ngumbutho we-SAPS.
I-DVA ibuye ihlinzekele ukuthi uMbutho we-SAPS kufanele uthathe izinyathelo zokuqondisa izigwegwe noma yiliphi ilunga loMbutho we-SAPS okunezinsolo zokuthi lehluleka ukuhambisana nesibophezelo esilawulwa yi-DVA, ngaphandle uma I-ICD inquma ngenye indlela ngaphansi kwesimo esithile. Umthelela walo mbandela wukuthi I-ICD kufanele yenze umsebenzi ongeziwe wokucubungula izicelo zikashwela ezicela ukuba zingathathwa izinyathelo zokuqondisa izigwegwe eziphuma embuthweni we-SAPS. Ngokwenza kanjena, I-ICD iqhuba umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi izinyathelo zokuqondisa izigwegwe azichilizelwa eceleni ngumbutho we-SAPS esimweni lapho isimo sidinga kuthathwe lezo zinyathelo ezifanele zokuqondisa izigwegwe.
a I-ICD ayisiyo ingxenye futhi ayingeni ngaphansi koMnyango wezokuPhepha ihlala izimele, icacile iyingxenye eziMmele yeNhlangano yemiSebenzi yoMphakathi nakuba ishiyelana uNgqongqoshe oyedwa - Ungqongqoshe wezokuPhepha - nombutho we-SAPS.
b I-ICD inoMlondolozi-zimali wayo Umphathi oPhakeme kanye nesabelo sezimali sonyaka esiqondene ngqo nayo. Lesi sabelo sezimali sinesikhwama esehlukile esabiwe yisiShayamthetho.
Isisebenzi sowazi engosini ye-ICD lichaza futhi lihlanganisa wonke umuntu oyibamba esikhundleni esichazwe ngenhla.
Isicelo sokufinyelela embhalweni ogcinwe yi-ICD kufanele sibhalwe phansi lapho ofaka isicelo egcwalisa khona iphepha A, elaziwa kanjena: "Isicelo sokufinyelela eMbhalweni weNhlangano yoMphakathi".
a ehhovisi lePhini lesisebenzi soLwazi elinemininingwane yokuxhumana echazwe endimeni 2.2 ngenhla; noma b kunoma yiliphi iHhovisi lesiFundazwe le-ICD eliqagulwe endimeni 1.1 yaleli bhuku.
f Uma isicelo senzelwa omunye, makwethulwe ubufakazi begunya lalowo ofaka isicelo ngendlela eyokwenelisa iPhini leLunga loLwazi.
a Aqondise noma edlulisele isicelo esibhaliwe kwiPhini leLunga leLwazi njengoba kulandisa indima -2.2 yaleli bhuku. Isicelo masiqondiswe ekhelini lePhini noma enombolweni yesikhahlamezi, kungenjalo ekhelini lombiko-mbani; noma b Ethule ngesandla isicelo ehhovisi le-ICD lesifundazwe eliseduzane imininingwane ichaziwe endimeni -1.1 yaleli bhuku. Ngaphansi kwesimo esinjena, ihhovisi lesifundazwe eliseduze le-ICD liyonika ofake isicelo iphepha lobufakazi bokuthi isicelo sitholiwe.
Lowo ofisa ukufaka isicelo sokufinyelela embhalweni we-ICD njengoba ilandisa indima- 4.1.2 no -4.1.2 kuleli bhuku kodwa ongakwazi ukusifaka ngenxa yokungafundi noma ngokukhubazeka, unelungelo lokufaka isicelo somlomo.
a Ephinini leLunga leLwazi eliqokiwe; noma b KwiNhloko yesiFundazwe noma kulowo oqokiwe ehhovisi lesifundazwe lapho kwenziwe khona isicelo somlomo.
Iphini leLunga loLwazi liyobhala phansi isicelo somlomo bese linika omunye umbhalo ofanayo lowo muntu ofake isicelo. Uma ofake isicelo esethule kwiNhloko yesiFundazwe ephawulwe endimeni -4.1.4(b) yaleli bhuku, iNhloko yesiFundazwe eqondene iyobhala phansi isicelo somlomo bese inika ofake isicelo umbhalo ofanayo waleso sicelo.
Uma ofaka isicelo azisa iPhini leLunga loLwazi noma iNhloko yesiFundazwe/oqokelwe lomsebenzi ngenhloso yokufaka isicelo sokufinyelela embhalweni we-ICD, lelo Lunga loLwazi liyokwethula lolo sizo ngaphandle kwenkokhelo ngoba kubalulekile ukuthi ocelayo ahambisane ngokugcwele nendima -4.1.1 kanye no- 4.1.2 yaleli bhuku.
Nanoma yiliphi ilunga ngendlela eyokwenza ukuba isicelo sidingidwe ngokushesha.
Uma isicelo esifakiwe kungesokucela ukufinyelela embhalweni okungahambisani nendima- 4.1.1. no -4.1.
d Ukunika ofake isicelo ithuba elenele lokuqinisekisa isicelo noma ukusiguqula ukuze sihambisane nendima- 4.1.1 no -4.1.2 waleli bhuku.
h Amarekhodi aqondene noHlelo lokuqopha amaholo yabasebenzi i Amarekhodi amafayela angasese abasebenzi.
b Umnyango wemisebenzi yokweLekelela.
c Amarekhodi aqondene nezithuthi ezisemthethweni.
b Amarekhodi ezincwadi ezingenayo neziphumayo.
d Umnyango wemisebenzi yokweLekelela: Ukuphepha a Amarekhodi aqondene nezinhlelo zokuphepha kwe-ICD, b Amarekhodi aqondene nokuqokwa kwabasebenzi.
c Amarekhodi eqondene nokulondolozwa kwesizinda solwazi lwe-ICD.
d Imibiko yoMnyango oBhekele Isimo sobuLungiswa bamabhuku eNhlangano.
e Amarekhodi aqondene nolwazi oluthinta abezindaba.
f Amarekhodi aqondene noMnyango weziMali kuZwelonke kanye noNgqayinyanga wabaKhokhi-ntela kuZwelonke.
n Amarekhodi aqondene nokuphatha nokusingatha ikoMkhulu loMtapo woLwazi o Amarekhodi aqondene nokudweba kabusha uMthetho woMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
e Amarekhodi aqondene nemisebenzi yokulinda ukubizwa emsebenzini neNqubomgomo yokusebenza ngaphansi kwesimo sokuhlala ulinde ukubizelwa umsebenzi.
ekusebenzeni koMthetho woDlame lwaseKhaya kanye d nemiBhalo aqondene nokuqeqeshwa kwabaqaphi.
c Amarekhodi aqondene nokuqeqeshwa kwabaphenyi d Amarekhodi aqondene nokuxhumana noMbutho we-SAPS namaPhoyisa kaMasipala.
i Amarekhodi aphathelene nezincwadi eziphumayo ezisayinwa nguMphathi oPhakeme.
d Amarekhodi aqondene noHlelo lokuSiza abaSebenzi.
Njengoba iLunga le-ICD loLwazi belingakayethuli incazelo yezigaba zemibhalo ye-ICD kuNgqongqoshe wezoBulungiswa neNtuthuko yoMthethosisekelo ngokulandela isigaba- 15 , ngaleyo ndlela noNgqongqoshe ubengakasishicileli isaziso sencazelo kwiGazethe. Lena yincazelo yezigaba zemibhalo ye-ICD etholakala ngokushesha ngaphandle kwesidingo sesicelo esivame ukufunwa ngaphansi kwesigaba- 15 . Imininingwane eqondene nalesi saziso esifunwa yisigaba- 15 siyoshicilelwa ebhukwini le-ICD elibuyekeziwe ngoNhlolanja ka 2004.
Ukuphenya izikhalo ezitholwe emalungeni omphakathi maqondana nokungaziphathi kahle noma ukwephula umthetho okunezinsolo zokuthi kwenziwe yilunga loMbutho we-SAPS noma le-MPS: Inqobo nje uma lezo zinsolo ziphatheka.
Ukwazisa ngezikhathi ezinqunyiwe labo abafake izikhalo ngenqubekelaphambili yophenyo oluchazwe ngenhla.
Ukwethulwa kosizo lokuxazulula, uma lucelwa nalapho lufanele khona kulawo malunga omphakathi ahlangabezana nezinkinga ezihlobene nomsebenzi obandakanya ilunga noma amalunga e-SAPS noma iMPS.
Ukuklelisa phambili uphenyo lwezikhalo ezitholwe kubantu abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya (noma abathile abafake izikhalo ezifanele) lapho kunezinsolo zokuthi ilunga (amalunga) lombutho we-SAPS noma I-MPS alihambisananga nesibophezelo se-DVA.
Ukuqhuba umsebenzi wezinhlelo zokuqwashisa, ikakhulu esikhathini seviki elibhekene ngqo neMbizo , isikhathi esaziwa ngezinsuku ezingu-16 zeMpokophelelo yokuziThiba oDlameni oluqondiswe kwabesiFazane, usuku lokugqoka ngokukhululeka nosuku lwabaKhubazekile olugujwa nguMhlaba wonke, emalungeni omphakathi.
Ukusabalalisa emalungeni omphakathi izincwajana eziphawula imisebenzi ye-ICD.
Ukubamba iqhaza emikhankasweni eqonde ukukhuthaza ulwazi nokuqwashisa ngesifo seSandulela-ngculazi/neNgculazi, izindaba zentsha, amalungelo ezingane nabakhubazekile, uhlelo lokunqanda ubugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane olushayelwa nguhulumeni. Lamalinge ahlose ukuhlwanyela ulwazi ngezindaba ezithinta ukulingana ngobulili, amalungelo abesifazane kanjalo nokushabalalisa lonke uhlobo lokuhlukumeza, kuhlanganisa ucansi nobuhlanga.
Noma yiliphi ilunga kuhlangene neloMbutho we-SAPS noma amaPhoyisa kaMasipala likhululekile ukubikela ihhovisi eliseduze le-ICD noma yisiphi isigameko sokufa komuntu esihlanganisa iphoyisa nezinsolo zobugebengu noma ukungaziphathi kahle kwelunga loMbutho we-SAPS noma I-MPS. Leli gxathu lokubika lihambisana nendima -1.1 yaleli bhuku.
Namalunga omphakathi akhululekile ukwethula izikhalo ezithinta izinga eliphansi lomsebenzi nosizo lwamalunga oMbutho we-SAPS noma I-MPS emahhovisi aseduze e-ICD okuyiwona achazwe endimeni -1.1 yaleli bhuku.
Labo abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya nababike izigameko zodlame lwasekhaya eMbuthweni wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kodwa ababona noma basole sengathi ilunga noma amalunga okubikwe kuwo awahambisananga nezibophezelo eziqukethwe wuMthetho woDlame lwaseKhaya, bangabikela I-ICD eseduzane lezo zenzo, njengoba ilawula indima- 1.1 yaleli bhuku.
Abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya bakhululekile ukubikela ngqo I-ICD izenzo zodlame eziqondiswe kubo.
INCAZELO YANOMA YIMAPHI AMALUNGISELELO NOMA UMBANDELA OVUMELA UKUPHAWULA/UKUMELWA NOMA UKUBAMBA IQHAZA NOMA UKUBA NEZWI EKUSUNGULENI INQUBOMGOMO NOMA UKUSEBENZISA AMANDLA NOMA UKWENZIWA KWEMISEBENZI YI-ICD ISIGABA 141g.
I-ICD ayinamalungiselelo namuntu futhi awukho umbandela okhona lapho umuntu engaphawula noma abambe iqhaza noma abe nezwi ekusungulweni kwenqubomgomo noma asebenzise amandla okufaka umoya emisebenzini ye-ICD. Inqubomgomo ye-ICD isungulwa yi-ICD ngaphakathi ngokwayo nalapho kushiywa khona ngaphandle nanoma yiliphi iqhaza noma izwi lomunye umuntu.
INCAZELO YAMAKHAMBI AKHONA MAYELANA NOMTHETHO NOMA UKWEHLULEKA KWE-ICD UKUSEBENZA ISIGABA 141h.
Oqondene nesicelo sokufinyelela kuNgqongqoshe wezokuPhepha.
Ngokwesigaba -74 , umuntu wesithathu angafaka isikhalo sangaphakathi sokuphikisana nesinqumo seLunga lezoLwazi le-ICD sokunika othile imvume yokufinyelela kuNgqongqoshe wezokuPhepha..
Ofake isicelo noma umuntu wesithathu okukhulunywa ngaye esigabeni sama- 74 (bona indima- 8.1.1 no- 8.1.2 yaleli bhuku) angafaka kuphela isicelo sokuba inkantolo ingenele udaba ngemuva kokuba ofake isicelo noma owesithathu eseqede yonke imigudu yangaphakathi ephikisana nesinqumo seLunga loLwazi le-ICD.
Esiwombeni sesenzo noma sokwehluleka kwe-ICD ekuqhubeni imisebenzi equkethwe yindima -1.
Lowo ofake isikhalo angavula icala lobugebengu emaPhoyiseni oMbutho we-SAPS ngelunga le-ICD elizenzele ngokwalo noma ngamandla omthetho womsebenzi noma avulele uPhiko lwe-ICD icala lomonakalo. Lamacala ayovuleka ngokuncika kwisimo I-ICD ethathe ngaso noma ehluleke ngaso ukwenza, kanjalo nokuncika emtheleleni wesenzo noma ngomonakalo ohlukumeze ummangali ngenxa yesenzo noma ngokwehluleka ukwenza.
Umuntu onesifiso sokunqanda I-ICD ekwenzeni ngandlela thize noma ukunqanda I-ICD ekwehlulekeni ukuqhuba umsebenzi wayo, angafaka isimangalo sokuvimbela I-ICD eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika. Lesi kungaba yisimangalo sokuvimbela noma ukuphoqelela I-ICD esenzweni esithile.
Umuntu ofisa ukukhononda ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwelunga elithile le-ICD, angafaka leso sikhalo kuMphathi oPhakeme we-ICD.
Umuntu ofisa ukukhononda ngesenzo noma ngezenzo ze-ICD noma ukwehluleka kwayo ukuthatha izinyathelo, angafaka isicelo sakhe ehhovisi loMvikeli woMphakathi.
